Kwakukhona esikhaleni sesango abantu abane abanochoko; bathi omunye komunye: “Sihlaleleni lapha sizoze sife na? Uma sithi: ‘Siyakungena emzini,’ kunendlala emzini, siyakufela khona; uma sihlala lapha, siyakufa futhi. Ngalokho masihambe siye enkanjini yabase-Aramu; uma besiyeka, siyakuphila; uma besibulala, siyakufa.”
Basuka kuhwalala, baya enkanjini yabase-Aramu; sebefike emaphethelweni enkambu yabase-Aramu, bafica kungekho muntu lapho. INkosi yenza ukuba impi yabase-Aramu izwe umsindo wezinqola, umsindo wamahhashi, nomsindo wempi enkulu baze bakhuluma bodwa, bathi: “Uyabona, inkosi yakwa-Israyeli iqashe amakhosi amaHithi namakhosi aseGibhithe ukuba eze kithi.”
Basuka babaleka kuhwalala, bashiya amathende abo, amahhashi abo, izimbongolo zabo, nenkambu injengalokhu injalo, babaleka ukuze basinde.
Kwathi labo abanochoko sebefikile emaphethelweni enkambu, bangena kwelinye ithende, badla, baphuza, bathatha lapho isiliva, igolide, nezingubo, bayokufihla; babuya, bangena kwelinye ithende, bathatha nalapho, base beyokuthukusa.
Base bethi omunye komunye: “Asenzi kahle. Lolu lusuku lwanamuhla wusuku lwezindaba ezinhle, kodwa sithule nje silinde ukuba kuze kube sekuseni, siyakuthola isijeziso ngalokho, masihambe, sitshele indlu yenkosi.”