Kepha lokhu ngithi: Ohlwanyela ingcosana uyakuvuna ingcosana; nohlwanyela kakhulu uyakuvuna kakhulu. Yilowo nalowo makenze njengokunquma kwakhe enhliziyweni yakhe; kungabi ngokudabuka, noma ngokucindezelwa, ngokuba uNkulunkulu uyamthanda umuphi onamileyo. Futhi uNkulunkulu unamandla okunipha umusa wonke uvame; ukuze nihlale ninokwanela konke ezintweni zonke, nivame emisebenzini yonke emihle; njengokulotshiweyo ukuthi: “Wahlakaza, wapha abampofu; ukulunga kwakhe kumi phakade. Kepha opha imbewu kumhlanyeli okhonza isinkwa sokudla kwenu, andise imbewu yenu, andise izithelo zokulunga kwenu; licetshiswe ezintweni zonke kukho konke ukuphana, okuveza ngathi ukubonga uNkulunkulu.
Funda 2 kwabaseKorinte 9
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kwabaseKorinte 9:6-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo