Ngokuba noma siyahlanya, kungenxa kaNkulunkulu; noma sisangulukile, kungenxa yenu. Ngokuba uthando lukaKristu luyasiqhubezela; ngokuba sibona kanje, ukuthi munye wafela bonke, khona-ke bonke bafile; Futhi wafela bonke, ukuze abaphilayo bangabe besaziphilela bona, kodwa baphilele yena owabafela, wabuye wavuka. Ngakho-ke kusukela manje asisazi muntu ngokwenyama; yebo, noma sesimazi uKristu ngokwenyama, nokho kusukela manje asisamazi. Ngakho uma umuntu ekuKristu, uyisidalwa esisha; bheka, sekuvele okusha. Zonke izinto zivela kuNkulunkulu, owasenza ukuba sibuyisane naye ngoKristu, wasinika inkonzo yokubuyisana; okuwukuthi uNkulunkulu ekuKristu, enza izwe libuyisane naye, engababaleli iziphambeko zabo; futhi ubeke kithi izwi lokubuyisana.
Funda 2 kwabaseKorinte 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kwabaseKorinte 5:13-19
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo