2 kwabaseKorinte 4:4-18

2 kwabaseKorinte 4:4-18 CZB24

okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu. Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu iNkosi; futhi thina siyizinceku zenu ngenxa kaJesu. Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu. Kepha le ngcebo sinayo ezitsheni zebumba, ukuze ubukhulu bamandla obumangalisayo bube obukaNkulunkulu, bungabi buvela kithi. Siyabandezelwa nxazonke, nokho asicindezelwe; siyaxakeka, kodwa asidangali; siyashushiswa, kodwa asidelwa; siphonswa phansi, kodwa asibhujiswa; sithwele njalonjalo emzimbeni wethu ukufa kweNkosi uJesu, ukuze lempilo kaJesu ibonakaliswe emizimbeni yethu. Ngokuba thina esiphilayo sihlala sinikelwa ekufeni ngenxa kaJesu, ukuze nokuphila kukaJesu kubonakaliswe enyameni yethu efayo. Ngakho-ke kusebenza ukufa kithi, kodwa kinina ukuphila. Thina silomoya wokukholwa, njengokulotshiweyo ukuthi: Ngakholwa, ngakho ngakhuluma; nathi siyakholwa, ngakho siyakhuluma; sisazi ukuthi yena owavusa iNkosi uJesu uzasivusa lathi ngoJesu, asethule kanye lani. Ngokuba konke kungenxa yenu, ukuze umusa ngokwandayo ngokubonga kwabaningi uvame, kube ludumo kuNkulunkulu. Ngakho kasidangali; kepha noma kubhubha umuntu wethu wangaphandle, owangaphakathi wenziwa musha imihla ngemihla. Ngokuba usizi lwethu olulula, olungokomzuzwana, luyasisebenzela isisindo esiyinkazimulo emiyo yonke kakhulukazi; Thina singabheki okubonwayo kodwa okungabonwayo, ngokuba okubonwayo kungokwesikhashana; kodwa okungabonwayo kungokwaphakade.