Ngakho lokhu sinale nkonzo, njengokuba sihawukelwe, asidangali; Kodwa sizilahlile izinto ezifihlakeleyo zehlazo, kasihambi ngobuqili, singaphambanisi ilizwi likaNkulunkulu; kodwa ngokuveza iqiniso sizincoma kunembeza wabantu bonke phambi kukaNkulunkulu. Kepha uma ivangeli lethu lifihlakele, lifihlakele kwabalahlwayo; okukubo unkulunkulu walelizwe uphuphuthekisile ingqondo yabangakholwayo, ukuze kungasi kubo ukukhanya kwevangeli lenkazimulo kaKristu ongumfanekiso kaNkulunkulu. Ngokuba asizishumayeli thina, kodwa sishumayela uKristu Jesu iNkosi; futhi thina siyizinceku zenu ngenxa kaJesu. Ngokuba uNkulunkulu owathi ukukhanya kukhanye ebumnyameni, nguyena okhanyile ezinhliziyweni zethu, ukuze kukhanye ukwazi inkazimulo kaNkulunkulu ebusweni bukaJesu Kristu.
Funda 2 kwabaseKorinte 4
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 2 kwabaseKorinte 4:1-6
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo