2 kwabaseKorinte 13

13
2 kwabaseKorinte 13
1Sekungokwesithathu ngiza kini. Ngomlomo wawofakazi ababili noma abathathu wonke amazwi ayakuqiniswa.
2Ngalitshela ngaphambili, ngalitshela njengalokhu ngikhona okwesibili; nanxa ngingekho manje, ngibabhalela abonile ngaphambili nakubo bonke abanye, ukuthi, uma ngibuya, angiyikuyekelela;
3njengokuba nifuna ubufakazi bokuthi uKristu okhuluma kimi, ongebuthakathaka kini, kodwa unamandla kini.
4Ngokuba noma wabethelwa esiphambanweni ngobuthakathaka, nokho uphila ngamandla kaNkulunkulu. Ngokuba nathi sibuthakathaka kuye, kepha siyakuphila kanye naye ngamandla kaNkulunkulu kini.
5Zihloleni nina ukuthi nisokholweni yini; zibonakaliseni nina. Anazi yini ngokwenu ukuthi uJesu Kristu ukinina, uma ningabakwaliwa na?
6Kodwa ngiyethemba ukuthi lizakwazi ukuthi thina kasiyisibo abangalakwanga.
7Manje ngiyakhuleka kuNkulunkulu ukuba ningenzi okubi; kungeyisikho ukuthi thina sibonakale singabadunyiswayo, kodwa ukuze lina lenze okulungileyo, lanxa thina singaba njengabaliwayo.
8Ngokuba asinakwenza lutho oluphambene neqiniso, kodwa silwenzela iqiniso.
9Ngokuba siyajabula, nxa thina sibuthakathaka, nina ninamandla;
10Ngakho-ke ngibhala lezizinto ngingekho, ukuze kuthi nxa ngikhona ngingenzi kabukhali ngokwamandla iNkosi engiphiwe wona, ukwakha, kungabi awokubhidliza.
11Ekugcineni, bazalwane, salani kahle. Niphelele, niduduzeke, nibe nhliziyonye, nihlale ngokuthula; futhi uNkulunkulu wothando nokuthula uyakuba nani.
12Bingelelanani ngokwanga okungcwele.
13Bonke abangcwele bayakhonza kini.
14Umusa weNkosi uJesu Kristu, nothando lukaNkulunkulu, nokuhlangana kukaMoya oNgcwele makube nani nonke. Amen. (Incwadi yesibili eya kwabaseKorinte yabhalwa uThithu noLucas eFilipi, umuzi waseMakedoniya.)

Okuqokiwe okwamanje:

2 kwabaseKorinte 13: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo