2 IziKronike 7

7
2 IziKronike 7
Inkazimulo kaJehova yehlela phezu kwethempeli
1USolomoni eseqedile ukukhuleka, kwehla umlilo ezulwini, wadla umnikelo wokushiswa nezisulu; inkazimulo kaJehova yagcwalisa indlu.
2Abapristi babengenakungena endlini kaJehova, ngokuba inkazimulo kaJehova yayigcwele indlu kaJehova.
3Kwathi bonke abantwana bakwa-Israyeli bebona ukuthi umlilo wehla nenkazimulo kaJehova phezu kwendlu, bakhothama ubuso babo bubheke phansi endaweni egandayiwe, bakhuleka, bamdumisa uJehova, bathi: “Ngokuba muhle; ngokuba umusa wakhe umi phakade.
4Inkosi nabo bonke abantu banikela imihlatshelo phambi kukaJehova.
5Inkosi uSolomoni yanikela ngomhlatshelo wezinkomo eziyizinkulungwane ezingamashumi amabili nambili nezimvu eziyizinkulungwane eziyikhulu namashumi amabili; inkosi nabo bonke abantu bayingcwelisa indlu kaNkulunkulu.
6Abapristi bema ezikhundleni zabo, namaLevi enezinsimbi zokubethela zikaJehova inkosi uDavide eyazenzayo ukuba kudunyiswe uJehova, ngokuba umusa wakhe umi phakade lapho uDavide edumisa ngenkonzo yabo; abapristi bavuthela amacilongo phambi kwabo, wonke u-Israyeli wema.
7USolomoni wangcwelisa ingaphakathi legceke elaliphambi kwendlu kaJehova; ngoba waletha lapho iminikelo yokushiswa namanoni eminikelo yokubonga, ngoba i-altare lethusi uSolomoni ayelenzile lalingenakukwamukela umnikelo wokushiswa neminikelo yomlilo namanoni.
8USolomoni wagubha umkhosi ngaleso sikhathi izinsuku eziyisikhombisa, no-Israyeli wonke kanye naye, ibandla elikhulu kakhulu, kusukela ekuyeni eHamati kuze kube semfuleni waseGibithe.
9Ngosuku lwesishiyagalombili benza umkhosi, ngokuba ukungcwelisa i-altare izinsuku eziyisikhombisa nomkhosi izinsuku eziyisikhombisa.
10Ngosuku lwamashumi amabili nantathu lwenyanga yesikhombisa wabamukisa abantu ematendeni abo bejabule futhi bejabule enhliziyweni ngenxa yobuhle uJehova ayebenzele uDavide noSolomoni nakubantu bakhe u-Israyeli.
11USolomoni wayiqeda indlu kaJehova nendlu yenkosi, nakho konke okwafika enhliziyweni kaSolomoni ukuba akwenze endlini kaJehova nasendlini yakhe, waphumelela.
12UJehova wabonakala kuSolomoni ebusuku, wathi kuye: “Ngiwuzwile umkhuleko wakho, ngizikhethele le ndawo ukuba ibe yindlu yomhlatshelo.
13Uma ngivala izulu ukuba kungabikho mvula, noma ngiyaleza isikhonyane ukuba sidle izwe, noma ngithuma isifo phakathi kwabantu bami;
14Uma abantu bami, ababizwa ngegama lami, bezithoba, bakhuleke, bafune ubuso bami, baphenduke ezindleleni zabo ezimbi; khona ngiyakuzwa ezulwini, ngithethelele isono sabo, ngiphilise izwe labo.
15Khathesi amehlo ami azavuleka lezindlebe zami zilalele umkhuleko owenziwa kule indawo.
16Ngokuba manje sengiyikhethile ngayingcwelisa le ndlu ukuba igama lami libe khona lapho kuze kube phakade, amehlo ami nenhliziyo yami kuyakuba lapho njalo.
17Kepha wena, uma uhamba phambi kwami njengalokho wahamba uyihlo uDavide, wenze njengakho konke engikuyale ngakho, ugcine izimiso zami nezahlulelo zami;
18Njalo ngizaqinisa isihlalo sobukhosi sombuso wakho njengoba ngenza isivumelwano loyihlo uDavida ngokuthi: Kawuyikuswela umbusi kwaIsrayeli.
19Kepha uma niphambuka, nishiye izimiso zami nemiyalo yami engiyibeka phambi kwenu, nihambe nikhonze abanye onkulunkulu, nibakhothamele;
20Ngiyakubasiphula ezweni lami engibanike lona; le ndlu engiyingcwelisele igama lami ngiyakuyilahla ebusweni bami, ngiyenze ibe yisaga nesifenqo phakathi kwezizwe zonke.
21Le ndlu ephakemeyo iyakuba yisimangaliso kubo bonke abadlula kuyo; ukuze athi: “UJehova wenzeleni kanje kuleli zwe nakule ndlu na?
22Kuyakuthiwa: Ngokuba bamshiya uJehova uNkulunkulu wawoyise owabakhipha ezweni laseGibithe, bathatha abanye onkulunkulu, babakhothamela, babakhonza; ngalokho wabehlisela bonke lobu bubi phezu kwabo.

Okuqokiwe okwamanje:

2 IziKronike 7: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo