2 IziKronike 20:13-17

2 IziKronike 20:13-17 CZB24

Wonke uJuda wema phambi kukaJehova, nabancane babo, nawomkabo, nabantwana babo. UMoya weNkosi wehlela phezu kukaJahaziyeli indodana kaZakariya indodana kaBenaya indodana kaJehiyeli indodana kaMathaniya umLevi wamadodana ka-Asafa, uMoya weNkosi phakathi kwebandla weza; Wathi: “Zwanini, nonke Juda, nani enakhileyo eJerusalema, nenkosi uJehoshafati: Usho kanje uJehova kini, uthi: Ningesabi, ningapheli amandla ngenxa yalesi sixuku esikhulu; ngoba impi kayisiyo eyenu, kodwa ngekaNkulunkulu. Yehlani kusasa nilwe nabo; bheka, bakhuphukela eweni likaSisi; niyakubafumana ekupheleni kwesifufula, ngaphambi kwehlane laseJeruweli. Anifanele ukulwa kule mpi; sukumani nime, nibone ukukhulula kukaJehova nani Juda neJerusalema; ningesabi, ningapheli amandla; phumani kusasa niyokulwa nabo, ngokuba uJehova uyakuba nani.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 2 IziKronike 20:13-17