Qaphelani ukuthi kungabikho ophindisela omunye okubi ngokubi; kodwa landelani njalo okuhle phakathi kwenu lakubo bonke abantu. Jabulani njalonjalo. Khulekani ningaphezi. Kukho konke bongani, ngokuba lokhu kuyintando kaNkulunkulu kuKristu Jesu ngani. Ningawucimi uMoya. Ningadeleli ukuprofetha. Hlolani izinto zonke; bambelelani kokuhle. Dedani kukho konke okubi. UNkulunkulu wokuthula yena uqobo makaningcwelise ngokupheleleyo; njalo ngiyakhuleka kuNkulunkulu wonke umoya wenu lomphefumulo lomzimba, kulondolozwe kungelacala ekufikeni kweNkosi yethu uJesu Kristu. Uthembekile onibizayo, oyakukwenza futhi. Bazalwane, sikhulekeleni. Bingelelani abazalwane bonke ngokwanga okungcwele. Ngiyanifungisa ngeNkosi ukuba le ncwadi ifundwe kubo bonke abazalwane abangcwele. Umusa weNkosi yethu uJesu Kristu mawube nani. Amen. (Incwadi yokuqala eya kwabaseThesalonika yabhalwa ise-Athene.)
Funda 1 kwabaseThesalonika 5
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseThesalonika 5:15-28
31 Days
The Bible tells us that "in His presence is fullness of joy" and that "the joy of the Lord is our strength". Joy isn't simply another emotion; it is a fruit of the Spirit and one of the best weapons in your arsenal to fight against discouragement, depression, and defeat. Learn what the Bible has to say about joy, and strengthening yourself to become a defiantly joyful Christian.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo