Sibonga uNkulunkulu njalo ngani nonke, sinikhumbula emikhulekweni yethu; sikhumbula ngokungaphezi umsebenzi wenu wokholo, nomshikashika wothando, nokubekezela kwethemba eNkosini yethu uJesu Kristu phambi kukaNkulunkulu uBaba wethu; sisazi, bazalwane abathandekayo, ukukhethwa kwenu kukaNkulunkulu. Ngokuba ivangeli lethu alifikanga kini ngezwi kuphela, kodwa nangamandla, nangoMoya oNgcwele, nangokuqiniseka okukhulu; njengokuba nazi ukuthi sasinjani phakathi kwenu ngenxa yenu. Nani naba ngabalingisi bethu nabeNkosi, selamukele izwi ekuhluphekeni okukhulu ngentokozo kaMoya oNgcwele; naze naba yisibonelo kubo bonke abakholwayo eMakedoniya nase-Akhaya. Ngokuba izwi leNkosi lazwakala livela kini, kungesikho eMakedoniya nase-Akhaya kuphela, kepha nasezindaweni zonke ukukholwa kwenu kuNkulunkulu kwanda; ukuze singadingi ukukhuluma utho. Ngokuba bona uqobo babika ngathi ukungena kwethu kini, nokuthi naphendukela kanjani kuNkulunkulu, niphuma ezithombeni, nikhonza uNkulunkulu ophilayo noweqiniso; nokulinda iNdodana yakhe ivela ezulwini, ayivusa kwabafileyo, uJesu osikhulula olakeni oluzayo.
Funda 1 kwabaseThesalonika 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseThesalonika 1:2-10
5 Days
Hosanna Wong knows firsthand what feeling unseen, unworthy, and unloved is like. In this 5-day plan, she unpacks nine names God calls you and offers practical, down-to-earth encouragement to help you expose lies, see yourself through God’s lens, and live with a newfound posture and purpose.
21 Days
Oftentimes we struggle to share the gospel with our friends. Either we are overcome with fear or don't know what to share. We all need a burden to reach our lost friends for Christ. This is a 21-day Bible reading plan that helps us meditate specifically on passages related to evangelism and is accompanied by a short prayer for each day for our friends.
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo