Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nalu usuku uJehova asho ngalo kuwe ukuthi: ‘Bheka, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze kuso njengokuthanda kwakho.’ Khona-ke uDavide wasukuma wanquma ngasese ijazi lesambatho sikaSawule. Ngasemuva inhliziyo kaDavide yamshaya, ngokuba wayesikile ingubo kaSawule. Wathi kubantu bakhe: “UJehova makangivimbe ukuba ngenze le nto enkosini yami, ogcotshiweyo kaJehova, ngelulele isandla sami kuye, lokhu engogcotshiweyo kaJehova.” UDavide wazibamba izinceku zakhe ngala mazwi, akazivumelanga ukuba zivukele uSawule. Kodwa uSawule wasukuma emhumeni waqhubeka. UDavide naye wasukuma emva kwalokho waphuma emhumeni, wabiza uSawule emva kwakhe, wathi: “Nkosi yami, nkosi! USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama, ubuso bakhe bubheke phansi.
Funda 1 Samuweli 24
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 Samuweli 24:4-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo