Abantu bakaDavide bathi kuye: “Bheka, nantu usuku uSimakade akhuluma ngalo kuwe, ethi: ‘Uyabona-ke, ngiyakunikela isitha sakho esandleni sakho, wenze okubona kukuhle kuwe.’ ” Wayesesuka uDavide, wasika ngasese umphetho wengubo kaSawule. Emveni kwalokho uDavide wazisola enhliziyweni yakhe, ngoba wayesike umphetho wengubo kaSawule. Wayesethi kubantu bakhe: “Akufanele neze, Simakade ukuba ngenze into enjengale enkosini yami, ogcotshiweyo kaSimakade, ngimbulale, ngokuba ungogcotshiweyo kaSimakade.” UDavide wabathiya abantu bakhe ngalawo mazwi, akaze abavumela ukuba bamvukele uSawule. USawule wasuka emgedeni, waqhubeka nohambo. UDavide naye wasuka kamuva, waphuma emgedeni, wammemeza uSawule, wathi: “Nkosi yami, nkosi!” USawule wabheka emuva, uDavide wakhothama wathi mbo ngobuso, wakhuleka.
Funda 1 USamuweli 24
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 USamuweli 24:4-8
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo