1 Samuweli 19:9-10

1 Samuweli 19:9-10 CZB24

Umoya omubi kaJehova waba phezu kukaSawule ehlezi endlini yakhe ephethe umkhonto esandleni sakhe, uDavide ebetha ngesandla sakhe. USawule wazama ukumgwaza uDavide odongeni ngomkhonto; kepha washelela ebusweni bukaSawule, wagwaza umkhonto odongeni; uDavide wabaleka, waphunyuka ngalobo busuku.