1 Samuweli 11:6-7

1 Samuweli 11:6-7 CZB24

UMoya kaNkulunkulu wehlela phezu kukaSawule lapho ezwa lezi zindaba, intukuthelo yakhe yavutha kakhulu. Wathatha izinkabi, wazihlahlela, wazithuma ngesandla sezithunywa kuwo wonke umkhawulo wakwa-Israyeli, wathi: “Ongaphumi ukulandela uSawule noSamuweli, kuyakwenziwa kanjalo kuzo izinkabi zakhe.” Ukwesaba uJehova kwehlela phezu kwabantu, baphuma nganhliziyonye.