Wayenomunyu emphefumulweni, wakhuleka kuJehova, wakhala kamunyu. Wenza isithembiso, wathi: “Jehova Sebawoti, uma ukhumbula ukuhlupheka kwencekukazi yakho nami, futhi ungayikhohlwa incekukazi yakho, kepha unike incekukazi yakho indodana, ngiyakumnika uJehova izinsuku zonke zezwe. Ukuphila kwakhe, nempuco ayiyikuwela ekhanda lakhe. Kwathi esakhuleka phambi kukaJehova, u-Eli uyaqaphela umlomo wakhe. UHana wakhuluma enhliziyweni yakhe; kwanyakaza izindebe zomlomo wakhe kuphela, kepha izwi lakhe lalingezwakali; ngalokho u-Eli wacabanga ukuthi udakiwe. UEli wasesithi kuye: Uzadakwa kuze kube nini? susa iwayini lakho kuwe. UHana waphendula wathi: “Hhayi, nkosi yami, ngingowesifazane onomoya odabukileyo; angiphuzanga iwayini naphuzo olunamandla, kepha ngathulula umphefumulo wami phambi kukaJehova. Ungabheki incekukazi yakho njengendodakazi kaBheliyali, ngokuba ngobuningi bokukhononda nosizi lwami ngikhulumile kuze kube manje. U-Eli waphendula wathi: “Hamba ngokuthula; uNkulunkulu ka-Israyeli uyakukunika ukunxusa kwakho okucelile kuye.”
Funda 1 Samuweli 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 Samuweli 1:10-17
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo