Elokugcina manibe nomqondo munye nonke, nihawukelane, nithandane njengabazalwane, nihawukele, nibe nomusa; ningaphindiseli okubi ngokubi, nokuthuka ngokuthuka, kodwa ngokuphambene nibusise; nazi ukuthi nabizelwa lokho, ukuze nidle ifa lesibusiso. Ngokuba lowo othanda ukuphila, nokubona izinsuku ezinhle, makabambe ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso; Makagweme okubi, enze okuhle; makafune ukuthula, akulandele. Ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, nezindlebe zayo zisemikhulekweni yabo; kepha ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi. Ngubani onganilimaza, uma nilingisa okuhle na? Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiwe; Kodwa ngcwelisani iNkosi uNkulunkulu ezinhliziyweni zenu, njalo lilungele ukuphendula wonke umuntu olibuza ngesizatho sethemba elikini, ngobumnene langokwesaba; Lilonembeza omuhle; ukuze kuthi lapho benihleba ngokungathi ningabenzi bokubi, bajabhe labo abaqamba amanga ukuziphatha kwenu okuhle kuKristu.
Funda 1 kaPetru 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kaPetru 3:8-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo