Okokugcina yibani nhliziyonye nonke, nizwelane, nithandane ngokwabazalwane, nibe nobubele nokuthobeka. Ningaphindisi okubi ngokubi, inhlamba ngenhlamba; kepha busisani, ngokuba nabizelwa lokho, ukuba nidle ifa lokubusiswa. Umbhalo uthi: “Lowo othanda ukuphila nokubona izinsuku ezinhle makanqande ulimi lwakhe kokubi, nezindebe zakhe zingakhulumi inkohliso. Akugweme okubi, enze okuhle, afune ukuthula, akuphokophelele, ngokuba amehlo eNkosi aphezu kwabalungileyo, izindlebe zayo ziyayizwa imikhuleko yabo, kodwa ubuso beNkosi bumelene nabenza okubi.” Pho ngubani onganilimaza uma nishisekela ukwenza okuhle na? Kepha uma nihlupheka ngenxa yokulunga, nibusisiswe. Ningakwesabi ukwesabisa kwabo, futhi ningakhathazeki. Kodwa mngcweliseni uKhristu njengeNkosi ezinhliziyweni zenu, nihlale nilindele ukubaphendula bonke abanibuza ngethemba eninalo. Kepha kube ngobumnene nangokwesaba, ninonembeza omsulwa, ukuze kuthi kulokho abaninyembenya ngakho, bajabhiswe laba abahlambalaza ukuhamba kwenu okuhle kuKhristu.
Funda 1 KaPhethro 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 KaPhethro 3:8-16
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo