1 kaPetru 2:21-25

1 kaPetru 2:21-25 CZB24

Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe; ongonanga, nenkohliso ayitholwanga emlonyeni wakhe; owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga. Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo. Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaPetru 2:21-25