Bathandekayo, ngiyanincenga njengabafokazi nezihambi ukuba nidede ezinkanukweni zenyama ezilwa nomphefumulo; nibe nenkambo enhle phakathi kwabezizwe, ukuze kuthi, benihleba ngathi ningabenzi bokubi, babone imisebenzi yenu emihle abayoyibona, badumise uNkulunkulu ngosuku lokuhanjelwa. Zithobeni kuzo zonke izimiso zabantu ngenxa yeNkosi: noma kusenkosini, njengophakeme; noma kubabusi njengabathunywe nguye ukujezisa abenzi bokubi, batuswe abenza okuhle. Ngokuba injalo intando kaNkulunkulu, ukuba ngokwenza okuhle nithulise ukungazi kwabantu abayiziwula; njengabakhululekileyo, njalo lingasebenzisi inkululeko yenu njengesigubuzelo sobubi, kodwa njengezinceku zikaNkulunkulu. Hloniphani abantu bonke. Thandani ubuzalwane. Mesabeni uNkulunkulu. Hlonipha inkosi. Nina zinceku, thobelani amakhosi enu ngokwesaba konke; kungeyisikho kwabalungileyo labamnene kuphela, kodwa lakwabakhohlakeleyo. Ngoba lokhu kuyabongeka, uba umuntu ngenxa kanembeza kuNkulunkulu ethwala usizi, ehlupheka ngokungafanele. Ngokuba kuludumo luni, uma nibekezela nishaywa ngenxa yokona na? kepha uma nenza kahle nihlupheka ngenxa yalokho, nikubekezelela, lokho kuyabongeka kuNkulunkulu. Ngokuba nabizelwa lokho, ngokuba uKristu wahlupheka ngenxa yethu, esishiyela isibonelo sokuba nilandele ezinyathelweni zakhe; ongonanga, nenkohliso ayitholwanga emlonyeni wakhe; owathi ethukwa, akaphindanga athuke; lapho ehlupheka, akasongelanga; kodwa wayezinikele kuye owahlulela ngokulunga. Yena owathwala izono zethu emzimbeni wakhe emthini, ukuze thina sesifile ezonweni siphile ekulungeni, omivimbo yakhe naphulukiswa ngayo. Ngokuba naninjengezimvu ezidukayo; kodwa manje selibuyele kuMalusi noMbonisi wemiphefumulo yenu.
Funda 1 kaPetru 2
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kaPetru 2:11-25
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo