1 kaPetru 1:17-24

1 kaPetru 1:17-24 CZB24

Futhi uma nibiza uBaba owahlulela wonke umuntu ngokomsebenzi womuntu engakhethi buso, sebenzisani isikhathi sokuhlala kwenu lapha ngokwesaba; Njengoba nazi ukuthi anihlengwanga ngezinto ezibhubhayo, isiliva negolide, enkambweni yenu eyize enayamukeliswa oyihlo; Kodwa ngegazi likaKristu eliligugu, njengelewundlu elingelasici lengelasici. Owamiselwa ngaphambili ngaphambi kokusekelwa kwezwe, kodwa wabonakaliswa kulezikhathi zokugcina ngenxa yenu; enikholwa ngaye kuNkulunkulu owamvusa kwabafileyo, wamnika inkazimulo; ukuze ukholo lwenu nethemba libe kuNkulunkulu. Njengoba selihlambulule imiphefumulo yenu ngokulalela iqiniso ngoMoya kuze kube sothandweni olungazenzisi lwabazalwane, thandanani kakhulu ngenhliziyo emhlophe; nizelwe ngokusha, kungengembewu ebolayo, kodwa ngengenakonakala, ngezwi likaNkulunkulu eliphilayo nelimi phakade. Ngokuba yonke inyama injengotshani, nenkazimulo yonke yomuntu injengembali yotshani. Utshani buyabuna, nembali yabo iyavuthuluka

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne 1 kaPetru 1:17-24