1 kaJohane 3:1-24

1 kaJohane 3:1-24 CZB24

Bhekani uthando olungaka asinike lona uBaba lokuba sibizwe ngokuthi singabantwana bakaNkulunkulu; Bathandekayo, manje singabantwana bakaNkulunkulu, kepha akukabonakali esiyakuba yikho; ngoba sizambona njengoba enjalo. Laye wonke umuntu onalelithemba kuye, uyazihlambulula, njengalokhu yena ehlambulukile. Yilowo nalowo owenza isono weqa nomthetho, ngokuba isono singukweqa umthetho. Niyazi ukuthi yena wabonakaliswa, ukuze asuse izono zethu; njalo kakulasono kuye. Yilowo nalowo ohlala kuye akoni; Bantwanyana, maningadukiswa muntu; owenza ukulunga ulungile, njengokuba naye elungile. Owenza isono ungokaSathane; ngoba uSathane uyona kwasekuqaleni. Ngalokho iNdodana kaNkulunkulu yabonakaliswa, ukuze ichithe imisebenzi kaSathane. Wonke ozelwe nguNkulunkulu akenzi isono; ngokuba imbewu yakhe ihlezi kuye, angoni, ngokuba uzelwe nguNkulunkulu. Ngalokhu babonakaliswa abantwana bakaNkulunkulu nabantwana bakaSathane: yilowo nalowo ongenzi ukulunga akasiye okaNkulunkulu, nalowo ongamthandi umzalwane wakhe. Ngoba yilo umlayezo enawuzwa kusukela ekuqaleni, ukuthi sithandane. Kungabi njengoKayini owayengowomubi, wabulala umfowabo. Wambulalelani na? Ngoba imisebenzi yakhe yayimibi, kodwa eyomfowabo ilungile. Ningamangali, bazalwane bami, uma izwe linizonda. Siyazi ukuthi sidlulile ekufeni sangena ekuphileni, ngokuba sithanda abazalwane. Lowo ongamthandiyo umzalwane wakhe uhlezi ekufeni. Lowo ozonda umzalwane wakhe ungumbulali, niyazi ukuthi akukho mbulali onokuphila okuphakade okuhlezi kuye. Ngalokho silwazile uthando, ngokuba yena wasibekela phansi ukuphila kwakhe; nathi sifanele ukubeka ukuphila ngenxa yabazalwane. Kepha onezinto zaleli zwe, bese ebona umzalwane wakhe eswele, amvalele ububele bakhe kuye, uthando lukaNkulunkulu luhlala kanjani kuye na? Bantwanyana bami, masingathandi ngezwi noma ngolimi; kodwa ngesenzo langeqiniso. Ngalokho siyazi ukuthi singabeqiniso, futhi siyakuqinisekisa izinhliziyo zethu phambi kwakhe. Ngokuba uma inhliziyo yethu isilahla, uNkulunkulu mkhulu kunenhliziyo yethu, futhi wazi zonke. Bathandekayo, uma inhliziyo yethu ingasilahli, sinesibindi kuNkulunkulu. Futhi loba yini esiyicelayo siyakwemukela kuye, ngoba sigcina imilayo yakhe, njalo senza okuthandekayo phambi kwakhe. Futhi yilo umyalo wakhe, ukuba sikholwe egameni leNdodana yakhe uJesu Kristu, sithandane, njengalokho wasilaya. Ogcina imiyalo yakhe uhlala kuye, naye kuye. Ngalokho siyazi ukuthi uhlala kithi ngoMoya asinike wona.