Lokho esikubonileyo nesikuzwileyo siyakumemezela kini, ukuze nani nibe nenhlanganyelo nathi; Lezizinto sinibhalela zona, ukuze intokozo yenu igcwale. Yilo-ke umbiko esalizwa kuye, esinishumayeza wona, ukuthi uNkulunkulu ungukukhanya, ubumnyama abukho kuye nakanye. Uma sithi sinenhlanganyelo naye, kepha sihamba ebumnyameni, sinamanga, asenzi iqiniso; Kepha uma sihamba ekukhanyeni, njengalokhu yena esekukhanyeni, sinenhlanganyelo omunye nomunye, negazi likaJesu Kristu iNdodana yakhe liyasihlambulula kuso sonke isono. Uma sithi asinasono, siyazikhohlisa, neqiniso alikho kithi. Uma sizivuma izono zethu, uthembekile, ulungile, ukuba asithethelele izono, asihlambulule kukho konke ukungalungi.
Funda 1 kaJohane 1
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kaJohane 1:3-9
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo