1 kwabaseKorinte 9:19-23

1 kwabaseKorinte 9:19-23 CZB24

Ngokuba noma ngikhululekile kubo bonke, nokho ngizenze isigqila sabo bonke, ukuze ngizuze abaningi. KumaJuda ngaba njengomJuda, ukuze ngizuze abaJuda; kwabaphansi komthetho ngaba njengophansi komthetho, ukuze ngizuze abaphansi komthetho; Kwabangenamthetho ngaba njengongenamthetho (ngingesiye ongenamthetho kuNkulunkulu kodwa ngiphansi komthetho kaKristu), ukuze ngizuze abangenamthetho. Kwababuthakathaka ngaba njengobuthakathaka, ukuze ngizuze ababuthakathaka; Lokho ngikwenza ngenxa yevangeli, ukuze nami ngibe nomhlanganyeli kulo.