1 kwabaseKorinte 8

8
1 kwabaseKorinte 8
1Maqondana nokuhlatshelwe izithombe siyazi ukuthi sonke sinolwazi. Ulwazi luyakhukhumeza, kepha uthando luyakha.
2Uma umuntu ecabanga ukuthi wazi utho, akakazi njengalokhu kufanele ukuba azi.
3Kepha uma umuntu ethanda uNkulunkulu, yena uyaziwa nguye.
4Ngakho-ke mayelana nokudla okuhlatshelwe izithombe, siyazi ukuthi isithombe asilutho ezweni nokuthi akakho omunye uNkulunkulu ngaphandle koyedwa.
5Ngokuba noma kukhona okuthiwa onkulunkulu, nokuba kusezulwini noma emhlabeni, njengokuba kukhona onkulunkulu abaningi, namakhosi amaningi,
6Kepha kithina munye uNkulunkulu, uYise, okuvela kuye zonke izinto, nathi sikuye; neNkosi eyodwa uJesu Kristu, okungaye zonke izinto, nathi singaye.
7Kepha ukwazi akukho kubo bonke abantu; nonembeza wabo obuthakathaka ungcolile.
8Kepha ukudla akusitusi kuNkulunkulu; ngokuba noma sidla, asizuzi lutho; futhi, uma singadli, asibi.
9Kepha qaphelani, funa lelo lungelo lenu libe yisikhubekiso kwababuthakathaka.
10Ngokuba uma umuntu ekubona wena onokwazi uhlezi ekudleni ethempelini lesithombe, unembeza walowo obuthakathaka akayikudungeka yini ukuba adle okuhlatshelwe izithombe na?
11Futhi ngolwazi lwakho umzalwane obuthakathaka amfelayo uKristu uyakubhubha na?
12Kepha nxa nona kanjalo kubazalwane, nilimaza unembeza wabo obuthakathaka, nona kuKristu.
13Ngakho-ke uma ukudla kumkhubekisa umzalwane wami, angisoze ngadla nyama kusesekhona, funa ngimkhubekise umzalwane wami.

Okuqokiwe okwamanje:

1 kwabaseKorinte 8: CZB24

Qhakambisa

Dlulisela

Kopisha

None

Ufuna ukuthi okuvelele kwakho kugcinwe kuwo wonke amadivayisi akho? Bhalisa noma ngena ngemvume