1 kwabaseKorinte 6:9-11

1 kwabaseKorinte 6:9-11 CZB24

Anazi yini ukuthi abangalungile abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu na? Ningadukiswa: nazifebe, nabakhonza izithombe, naziphingi, nabesilisa abalalanayo, nabesilisa abalalanayo, Namasela, nabahahayo, nazidakwa, nazithuki, nabaphangi abayikulidla ifa lombuso kaNkulunkulu. Babenjalo abanye kini, kepha senagezwa, senangcweliswa, senalungisiswa egameni leNkosi uJesu Kristu nangoMoya kaNkulunkulu wethu.