Pho ungubani uPawulu, no-Apholo uyini, kodwa izikhonzi enakholwa ngazo, njengalokho iNkosi yamnika yilowo nalowo? Mina ngatshala, u-Apholo wanisela; kodwa uNkulunkulu wakhulisa. Ngakho-ke otshalayo kalutho, noniselayo kalutho; kodwa uNkulunkulu okhulisayo. Kepha otshalayo noniselayo bamunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomshikashika wakhe. Ngokuba siyizisebenzi kanye noNkulunkulu; nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu. Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengomakhi ohlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kodwa yilowo nalowo makaqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.
Funda 1 kwabaseKorinte 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseKorinte 3:5-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo