1 kwabaseKorinte 3:5-11

1 kwabaseKorinte 3:5-11 ZUL59

Pho, uyini u-Apholo? Uyini uPawulu na? Bayizikhonzi enakholwa ngazo, kwaba yilowo nalowo njengokupha kweNkosi. Mina ngatshala, u-Apholo wanisela, kepha uNkulunkulu wakhulisa. Njalo-ke notshalayo kalutho, noniselayo kalutho, kodwa uNkulunkulu okhulisayo. Otshalayo noniselayo bakunye, kepha yilowo nalowo uyakwamukeliswa owakhe umvuzo ngokomsebenzi wakhe. Ngokuba thina siyizisebenzi kanye noNkulunkulu, nina niyinsimu kaNkulunkulu, niyisakhiwo sikaNkulunkulu. Ngokomusa kaNkulunkulu engiwuphiweyo, njengenyanga yokwakha ehlakaniphileyo ngabeka isisekelo, omunye wakha phezu kwaso. Kepha akube yilowo nalowo aqaphele ukuthi wakha kanjani phezu kwaso. Ngokuba akakho ongabeka esinye isisekelo, kuphela leso esibekiweyo, esinguJesu Kristu.