Kodwa khathesi-ke uNkulunkulu umisile izitho, yileso laso emzimbeni njengokuthanda kwakhe. Uma zonke beziyisitho sinye, umzimba ngabe uphi na? Kodwa kalokhu izitho zinengi, kodwa umzimba munye. Iso alinakusho esandleni ukuthi: ‘Angikudingi,’ nekhanda futhi alinakusho ezinyaweni ukuthi: ‘Anginidingi.’ Kodwa-ke, ikakhulu lezozitho zomzimba ezibonakala zibuthakathaka kakhulu ziyadingeka; Lalezozitho zomzimba esicabanga ukuthi azihlonitshwa kancane, phezu kwazo sizinika udumo olukhulu kakhulu; nezitho zethu ezingafanelekiyo zinobuhle obengeziwe. Ngokuba izitho zethu ezinhle azidingi, kepha uNkulunkulu uwuhlanganisile umzimba, esipha udumo olukhulu kakhulu leso esintulayo; ukuze kungabikho ukwahlukana emzimbeni; kodwa ukuze amalungu anakekelane ngokufanayo. Uma kuhlupheka isitho sinye, kuhlupheka izitho zonke kanye naso; noma kuhlonishwe isitho sinye, athokoze amalungu onke kanye nalo. Nina-ke ningumzimba kaKristu, nezitho ngabanye.
Funda 1 kwabaseKorinte 12
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: 1 kwabaseKorinte 12:18-27
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo