1 kwabaseKorinte 12:1-11

1 kwabaseKorinte 12:1-11 CZB24

Kepha mayelana nezipho zomoya, bazalwane, angithandi ukuba ningazi. Niyazi ukuthi naholwa ningabezizwe, nayiswa kuzo izithombe eziyizimungulu. Ngakho ngiyanazisa ukuthi akakho okhuluma ngoMoya kaNkulunkulu othi: “Uqalekisiwe uJesu; Kukhona-ke iziphiwo izinhlobonhlobo, kodwa uMoya munye. Futhi kukhona izinhlobonhlobo zezinkonzo, kodwa iNkosi eyodwa. Futhi kukhona izinhlobonhlobo zemisebenzi, kodwa nguNkulunkulu oyedwa osebenza konke kubo bonke. Kodwana yilowo nalowo uphiwa ukubonakalisa kukaMoya kube yinzuzo kubo bonke. Ngoba omunye uphiwa ngoMoya ilizwi lenhlakanipho; omunye izwi lokwazi ngaye lowoMoya; omunye ukholo ngaye lowoMoya; omunye izipho zokuphulukisa ngaye lowoMoya; omunye ukwenza izimangaliso; komunye isiprofetho; omunye ukuhlukanisa imimoya; omunye izinhlobo zezilimi; omunye ukuhunyushwa kwezilimi. Kepha konke lokho kusebenza yena lowo Moya munye, ebabela yilowo nalowo ngokunye ngokuthanda kwakhe.