Ngakho-ke ngemisebenzi yomthetho akukho nyama eyakulungisiswa phambi kwakhe, ngokuba ngomthetho kukhona ukwazi isono. Kodwa khathesi-ke sekubonakalisiwe ukulunga kukaNkulunkulu ngaphandle komlayo, kufakazelwa ngumlayo labaprofethi; Ngisho ukulunga kukaNkulunkulu okungokukholwa kuJesu Kristu kubo bonke naphezu kwabo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko; Ngokuba bonke bonile, basilalelwe inkazimulo kaNkulunkulu; belungisiswa ngesihle ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKristu Jesu; ammisileyo uNkulunkulu, abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe ngenxa yokuthethelelwa kwezono ezenziwe ngaphambili, ngokubekezela kukaNkulunkulu; ukuze kubonakaliswe ukulunga kwakhe kulesi sikhathi, ukuze abe ngolungileyo, amlungisise okholwa nguJesu.
Funda Kwabase Roma 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Kwabase Roma 3:20-26
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo