KwabaseRoma 3:20-26

KwabaseRoma 3:20-26 ZUL20

Ngokuba akukho muntu oyakulungisiswa ngemisebenzi yomthetho phambi kwakhe; ngenxa yomthetho, kwaba khona ukwazi isono. Kepha manje ukulunga kukaNkulunkulu kubonakalisiwe ngaphandle komthetho, kufakazelwa ngumthetho nabaphrofethi, ukulunga kukaNkulunkulu okuvela ngokukholwa nguJesu Khristu kubo bonke abakholwayo, ngokuba akukho mehluko. Ngokuba bonke bonile, basilalelwe yinkazimulo kaNkulunkulu. Balungisiswe ngesihle, ngomusa wakhe ngokuhlengwa okukuKhristu uJesu, ammisileyo uNkulunkulu ukuba abe yinhlawulo ngokukholwa egazini lakhe, ukuze kubonakaliswe ukulunga kukaNkulunkulu, ngokuyekelwa kwezono ezazenziwe phambilini, ngenxa yokubekezela kukaNkulunkulu, ukuba kubonakaliswe ukulunga kwakhe esikhathini samanje, ukuze Yena abe ngolungileyo, abe ngumlungisisi walowo okholwa nguJesu.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne KwabaseRoma 3:20-26