Kwabase Roma 12:14-21

Kwabase Roma 12:14-21 ZULUNT

Babusiseni abanizingelayo; busisani, ningaqalekisi. Jabulani nabathokozayo, nikhale nabakhalayo. Yibani nomqondo munye omunye komunye. Ningagxili ezintweni eziphakeme, kodwa zehliseni kwabaphansi. Ningahlakaniphi ngokwenu. Ningaphindiseli muntu okubi ngokubi. Yenzani izinto eziqotho phambi kwabantu bonke. Uma kungenzeka, ngokusemandleni enu, hlalani ngokuthula nabantu bonke. Bathandekayo, ningaziphindiseli nina, kodwa dedelani ulaka, ngokuba kulotshiwe ukuthi: Ngokwami ukuphindisela; ngiyakubuyisela mina, isho iNkosi. Ngakho-ke uma isitha sakho silambile, siphe sidle; uma somile, siphuzise, ngokuba ngokwenza lokho uyakubuthela amalahle omlilo ekhanda laso. Unganqotshwa okubi, kodwa nqoba okubi ngokuhle.