Kwabase Roma 10:9-13

Kwabase Roma 10:9-13 ZULUNT

Ngokuba uma uvuma ngomlomo wakho ukuthi uJesu uyiNkosi, ukholwa enhliziyweni yakho ukuthi uNkulunkulu wamvusa kwabafileyo, uyakusindiswa. Ngokuba umuntu ukholwa ngenhliziyo kube ngukulunga; futhi ngomlomo kuvuma kube yinsindiso. Ngoba umbhalo uthi: Wonke okholwa kuye kayikujabha. Ngokuba akukho mehluko phakathi komJuda nomGreki, ngokuba iNkosi eyodwa phezu kwabo bonke inothile kubo bonke abakhuleka kuyo. Ngokuba yilowo nalowo obiza igama leNkosi uyakusindiswa.