IsAmbulo 12:14-16

IsAmbulo 12:14-16 ZULUNT

Owesifazane wanikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu, ukuze andizele ehlane, endaweni yakhe, lapho ondliwa khona isikhathi, nezikhathi, nenxenye yesikhathi, kude nobuso benyoka. Inyoka yakhipha emlonyeni wayo amanzi anjengomfula emva kowesifazane, ukuze immukise nomfula. Umhlaba wamsiza owesifazane, umhlaba wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula udrako awukhipha emlonyeni wakhe.