ISambulo 12:14-16

ISambulo 12:14-16 ZUL20

Owesifazane wayesenikwa amaphiko amabili okhozi olukhulu ukuba andizele ehlane endaweni yakhe, lapho enakekelwa khona isikhathi nezikhathi, nengxenye yesikhathi, engekho ebusweni benyoka. Inyoka yamkhwifa imlandela owesifazane, kwaphuma emlonyeni wayo amanzi kungathi ngumfula ukuze immukise nalowo mfula. Umhlaba wamsiza owesifazane, wavula umlomo wawo, wawugwinya umfula owawukhwifwa wudrago ngomlomo wakhe.