Elokugcina, bazalwane bami, thokozani eNkosini. Ukunilobela zona lezi zinto akungihluphi kimi, kepha nina kuyanivikela. Xwayani izinja, xwayani izisebenzi ezimbi, xwayani abasikayo. Ngokuba singabokusoka thina esikhonza ngoMoya kaNkulunkulu, sizibonga kuKristu Jesu, singathembi enyameni. nakuba nami bengingaba nethemba enyameni. Uma omunye umuntu ecabanga ukuthi unokuthenjwa enyameni, mina kakhulu. ngasokwa ngosuku lwesishiyagalombili, ngingowohlanga luka-Israyeli, owesizwe sakwaBenjamini, umHeberu wamaHeberu; ngokomthetho ngingumFarisi; ngokushisekela ngizingela ibandla; mayelana nokulunga okusemthethweni, ngingenacala. Kodwa lokho okwakuyinzuzo kimi ngakushaya indiva ngenxa kaKristu. Yebo, impela, konke ngikushaya indiva ngobukhulu bokumazi uKristu Jesu iNkosi yami, engilahlekelwe yikho konke ngenxa yakhe, ngikushaya izibi, ukuze ngizuze uKristu; njalo ngifunyanwe kuye, ngingelakho okwami ukulunga okuvela emthethweni, kodwa lokho okungokholo lukaKristu, ukulunga okuvela kuNkulunkulu ngokukholwa; ukuze ngimazi yena, namandla okuvuka kwakhe, nokuhlanganyela ezinhluphekweni zakhe, ngifaniswe nokufa kwakhe; uba mhlawumbe ngifinyelele ekuvukeni kwabafileyo.
Funda Kwabase-Filipi 3
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: Kwabase-Filipi 3:1-11
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo