Marku 15:6-15

Marku 15:6-15 ZULUNT

Kepha ngomkhosi wayebakhululela isiboshwa sibe sinye, abasicelayo. Kwakukhona umuntu othiwa nguBarabasi, ebotshiwe kanye lababevukele umbuso laye, ababebulele ekuvukeleni umbuso. Isixuku sase simemeza saqala ukucela ukuba enze njengalokho ebevame ukwenza kubo. Kodwa uPilatu wabaphendula wathi: Lithanda ukuthi ngilikhululele inkosi yabaJuda yini? Ngoba wayesazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu. Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba kungcono abakhululele uBaraba. UPilatu waphinda waphendula, wathi kubo: Pho-ke nithanda ukuba ngimenzeni enithi uyinkosi yabaJuda na? Basebememeza futhi, besithi: Mbethele! UPilatu wasesithi kubo: Ngoba enze ububi bani? Basebememeza kakhulukazi, besithi: Mbethele esiphambanweni! Ngakho uPilatu ethanda ukukholisa ixuku, wabakhululela uBaraba

Funda Marku 15

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 15:6-15