NgokukaMarku 15:6-15

NgokukaMarku 15:6-15 ZUL59

Kwathi ngomkhosi wayehleze ebakhululela isiboshwa sibe sinye abasicelayo. Kwakukhona-ke omunye, nguBaraba igama lakhe, owayeboshiwe kanye namahlubuka; wona ayebulele umuntu ekuhlubukeni. Isixuku senyuka, saqala ukucela ukuba abenzele njengalokho ebehleze ebenzela. Kepha uPilatu wabaphendula wathi: “Nithanda ukuba nginikhululele inkosi yabaJuda na?” Ngokuba wayekwazi ukuthi abapristi abakhulu bamnikele ngomhawu. Kepha abapristi abakhulu babhebhezela isixuku ukuba okungcono asikhululele uBaraba. UPilatu wabuye waphendula, wathi kubo: “Pho-ke, ngimenzenjani lo enithi uyinkosi yabaJuda na?” Babuye bamemeza, bathi: “Mbethele esiphambanweni!” Kodwa uPilatu wathi kubo: “Ngokuba wenze bubi buni na?” Kepha bamemeza kakhulu, bathi: “Mbethele esiphambanweni!” Khona uPilatu ethanda ukudelisa isixuku wasikhululela uBaraba, kepha wamshaya uJesu, wamnikela ukuba abethelwe esiphambanweni.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 15:6-15