Marku 1:29-34

Marku 1:29-34 ZULUNT

Base bephuma esinagogeni bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya kanye noJakobe noJohane. Kepha umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane, bahle bamtshela ngaye. Wasondela, wambamba ngesandla, wamsukumisa; umkhuhlane wamyeka masinyane, wabakhonza. Kwathi sekuhlwile, ilanga selishonile, baletha kuye bonke ababegula nababekhwelwe ngamademoni. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. Waphulukisa abaningi ababephethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi; njalo wayengawavumeli amadimoni ukuthi akhulume, ngoba ayemazi.

Funda Marku 1

Video for Marku 1:29-34

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Marku 1:29-34