NgokukaMarku 1:29-34

NgokukaMarku 1:29-34 ZUL59

Sebephume esinagogeni* bangena masinyane endlini kaSimoni no-Andreya, benoJakobe noJohane. Umkhwekazi kaSimoni wayelele enomkhuhlane; bashesha bamtshela ngaye. Waya kuye, wamlulamisa embamba ngesandla; umkhuhlane wamyeka, wabakhonza. Kwathi ukuba kuhlwe, selishonile ilanga, baletha kuye bonke abagulayo nabakhwelwe ngamademoni. Umuzi wonke wawubuthene ngasemnyango. Waphulukisa abaningi abaphethwe yizifo ngezifo, wakhipha amademoni amaningi, wayengawavumeli amademoni ukukhuluma, ngokuba ayemazi.

Video for NgokukaMarku 1:29-34

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaMarku 1:29-34