Mathewu 9:27-31

Mathewu 9:27-31 ZULUNT

UJesu esesukile lapho, izimpumputhe ezimbili zamlandela, zamemeza zathi: “Sihawukele, Ndodana kaDavide! Esengene endlini, izimpumputhe zeza kuye; uJesu wathi kuzo: “Niyakholwa ukuthi ngingakwenza lokhu na? Basebesithi kuye: Yebo, Nkosi. Khona wathinta amehlo azo, wathi: “Makwenzeke kini njengokukholwa kwenu. Asevuleka amehlo abo; uJesu wazilaya kakhulu, wathi: Qaphelani kungaziwa muntu. Kodwa sezihambile zalusakaza udumo lwakhe kulo lonke lelo zwe.

Funda Mathewu 9

Ividiyo ye- Mathewu 9:27-31

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 9:27-31