Mathewu 27:27-31

Mathewu 27:27-31 ZULUNT

Khona amasosha ombusi amthatha uJesu amyisa enqabeni, abuthela kuye lonke ibutho. Amhlubula, amembathisa ingubo ebomvu. Eluluka umqhele wameva, awubeka ekhanda lakhe, nomhlanga esandleni sakhe sokunene, aguqa ngamadolo phambi kwakhe, amklolodela, athi: “Bayede, Nkosi yamaJuda! Amkhafulela ngamathe, athatha umhlanga, amshaya ekhanda. Sebemklolodele, bamhlubula ingubo, bamembathisa ezakhe izingubo, bamuka naye ukuyombethela esiphambanweni.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Mathewu 27:27-31