Mathewu 14:25-33

Mathewu 14:25-33 ZULUNT

Ngomlindo wesine wobusuku uJesu waya kubo ehamba phezu kolwandle. Kuthe abafundi bembona ehamba phezu kolwandle, bashaywa luvalo, bethi yisithunzi; bakhala ngokwesaba. Kodwa uJesu wakhuluma kubo masinyane, wathi: Manini isibindi; yimina; ningesabi. UPetru wamphendula wathi: “Nkosi, uma kunguwe, yisho ukuba ngize kuwe phezu kwamanzi. Wasesithi: Woza. Futhi lapho uPetru ehla emkhunjini, wahamba phezu kwamanzi, ukuya kuJesu. Kodwa ebona umoya wesaba; eseqala ukutshona wakhala wathi: Nkosi, ngisindise. Khona masinyane uJesu welula isandla, wambamba, wathi kuye: “Wena onokukholwa okuncane, ungabazeleni na? Sebengenile emkhunjini, umoya wanqamuka. Basebesiza ababesemkhunjini, bakhuleka kuye, besithi: Isibili wena uyiNdodana kaNkulunkulu.