Luka 20:20-40

Luka 20:20-40 ZULUNT

Basebemqaphela, bathuma izinhloli ezizenza abalungileyo ukuze babambe amazwi akhe, ukuze bamnikele emandleni lakulandleni wombusi. Bambuza-ke, bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma ufundise kahle, awukhethi buso bamuntu, kodwa ufundisa indlela kaNkulunkulu ngeqiniso; Kuvunyelwe yini kithi ukuthela kuKesari, noma qha? Kodwa ebazi ubuqili babo wathi kubo: Lingilingelani? Ngikhombiseni udenariyu. Inomfanekiso nombhalo kabani? Baphendula bathi: KaKesari. Wathi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari, noNkulunkulu okukaNkulunkulu. Abakwazanga ukubamba amazwi akhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula. Kwase kufika kuye abathile kubaSadusi, abaphika ukuthi akukho ukuvuka kwabafileyo; bambuza. bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi: “Uma kufa umfowabo womuntu enomfazi, kepha engenabantwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi, wafa engenabantwana. Nowesibili wamthatha, wafa engenamntwana; Nowesithathu wamthatha; kanjalo-ke abayisikhombisa, bafa bengashiyanga mntwana. Ekugcineni kwabo bonke nowesifazane wafa. Ngakho-ke ekuvukeni uyakuba ngumkabani kubo na? ngokuba abayisikhombisa babe naye engumkabo. UJesu waphendula wathi kubo: Abantwana balumhlaba bayathatha, bayendiswa; Kodwa labo okuthiwa bafanele ukuthola lelolizwe lokuvuka kwabafileyo kabathathani, kabendiswa; futhi kabasayikufa, ngoba banjengezingilosi; futhi bangabantwana bakaNkulunkulu, bengabantwana bokuvuka. Kepha ukuthi abafileyo bayavuswa, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. Ngokuba kasiye uNkulunkulu wabafileyo, kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphilela yena. Abanye bababhali basebephendula bathi: Mfundisi, ukhulume kuhle. Emva kwalokho ababanga nasibindi sokumbuza nokumbuza.

Funda Luka 20

Ividiyo ye- Luka 20:20-40