Bamqaphela, bathuma izinhloli ezizishaya abalungileyo ukuba bamhile ngezwi lakhe, baze bamkhaphele emandleni nasegunyeni lombusi wezwe. Bambuza-ke bathi: “Mfundisi, siyazi ukuthi ukhuluma, ufundisa ngokuqondileyo, awukhethi buso bamuntu, kepha ufundisa indlela kaNkulunkulu ngokuqinisileyo. Sivunyelwe ukuthela kuKesari noma qha?” Kepha eqonda ubuqili babo wathi kubo: “Ngiboniseni udenariyu;* unomfanekiso nombhalo kabani?” Bathi: “OkaKesari.” Wayesethi kubo: “Ngakho-ke nikani uKesari okukaKesari noNkulunkulu okukaNkulunkulu.” Abaze baba namandla ukumhila ngezwi lakhe phambi kwabantu; bamangala ngokuphendula kwakhe, bathula. Kwase kufika kuye abathile babaSadusi abathi akukho ukuvuka kwabafileyo; bambuza bathi: “Mfundisi, uMose wasilobela ukuthi, uma kufa umfowabo womuntu enomfazi kepha engenamntwana, umfowabo makamthathe umkakhe, amvusele umfowabo inzalo. Kwakukhona izelamani eziyisikhombisa; owokuqala wathatha umfazi; wafa engenamntwana, nowesibili; nowesithathu wamthatha; kanjalo-ke abayisikhombisa; bafa bengashiyanga bantwana. Ukugcina wafa nomfazi. Ngakho-ke ekuvukeni owesifazane uyakuba ngumfazi wamuphi kubo, lokhu abayisikhombisa babe naye engumkabo.” UJesu wathi kubo: “Abantwana bale nkathi bayaganwa, bayendiswa. Kepha labo abazakuthiwa bafanele ukufinyelela kuleyo nkathi nasekuvukeni kwabafileyo kabaganwa, kabendiswa; ngokuba bangebuye bafe, banjengezingelosi; bangabantwana bakaNkulunkulu bengabantwana bokuvuka. Kepha ukuthi bayavuswa abafileyo, noMose wakubonakalisa esihlahleni, lapho eyibiza iNkosi ngokuthi uNkulunkulu ka-Abrahama, noNkulunkulu ka-Isaka, noNkulunkulu kaJakobe. UNkulunkulu kasiye owabafileyo kodwa owabaphilayo, ngokuba bonke baphila kuye.” Abathile bababhali baphendula bathi: “Mfundisi, ukhulume kahle.” Ngokuba babengasenasibindi sokumbuza lutho.
Funda NgokukaLuka 20
Dlulisela
Qhathanisa zonke izinguqulo: NgokukaLuka 20:20-40
Gcina amavesi, funda kungaxhunyiwe ku-inthanethi, buka iziqeshana zokufundisa, nokuningi!
Ikhaya
IBhayibheli
Amapulani
Amavidiyo