Luka 1:57-66

Luka 1:57-66 ZULUNT

Saphelela-ke isikhathi sika-Elisabethe sokuba abelethe; wazala indodana. Omakhelwane bakhe nabazala bakhe bezwa ukuthi iNkosi yenze isihawu esikhulu kuye; basebethokoza kanye laye. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana. bambiza ngegama likayise uZakariya. Unina waphendula wathi: “Qha; kodwa uzakuthiwa uJohane. Bathi kuye: “Akakho ezihlotsheni zakho obizwa ngaleli gama. Basebeqhweba uyise ukuthi ufuna iqanjwe njani. Wacela isibhebhe, waloba ukuthi: NguJohane igama lakhe. Bamangala bonke. Kwase kuvuleka umlomo wakhe khona lapho nolimi lwakhe, wakhuluma, wambonga uNkulunkulu. Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, futhi zonke lezi zindaba zezwakala ezweni lonke lezintaba laseJudiya. Bonke abazizwayo bakubeka ezinhliziyweni zabo, bethi: “Lo mntwana uyakuba yini na? Futhi isandla sikaJehova sasinaye.

Funda Luka 1

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne Luka 1:57-66