NgokukaLuka 1:57-66

NgokukaLuka 1:57-66 ZUL20

Safika-ke isikhathi sika-Elizabethe sokuba abelethe; wazala indodana. Abakhelene naye nezihlobo zakhe bezwa ukuthi iNkosi imenzele isihawu esikhulu, bathokoza naye. Kwathi ngosuku lwesishiyagalombili beza ukuzosoka umntwana, bamqamba ngegama likayise uZakhariya. Unina wayesephendula ethi: “Qha, uzakuthiwa nguJohane.” Bathi kuye: “Akukho noyedwa emndenini wakini obizwa ngalelo gama.” Bakhuluma ngezandla noyise ukuthi ufuna ukumqamba ngaliphi. Wacela isileti, waloba wathi. “NguJohane igama lakhe.” Bamangala bonke. Khona manjalo wavuleka umlomo wakhe nolimi lwakhe lwathombuluka, wayesekhuluma edumisa uNkulunkulu. Bonke abakhelene nabo behlelwa ngukwesaba, bakhuluma ngazo zonke lezo zindaba kulo lonke elezintaba eJudiya, nabo bonke abazizwayo bazigcina ezinhliziyweni zabo, bethi: “Ingabe uyakuba yini lo mntwana na?” Ngokuba impela isandla seNkosi sinaye.

Uhlelo Lwamahhala Lokufunda nokuthandaza okuhlobene ne NgokukaLuka 1:57-66

I-YouVersion isebenzisa amakhukhi ukuze ukwazi ukwenza isipiliyoni sakho. Ngokusebenzisa iwebhusayithi yethu, wamukela ukusebenzisa kwethu amakhukhi njengoba kuchaziwe kuNqubomgomo yethu yoBumfihlo