Luka 1:29-35

Luka 1:29-35 ZULUNT

Kwathi eyibona wethuka ngezwi layo, wacabanga ukuthi kungaba kubingelela bani lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Bheka, uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama lokuthi uJesu. Yena uyakuba mkhulu, ibizwe ngokuthi iNdodana yoPhezukonke, futhi iNkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi sikayise uDavide. Uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade; nombuso wakhe awuyikuba nakuphela. UMariya wayesethi engelosini: “Lokhu kuyakwenzeka kanjani, lokhu ngingayazi indoda na? Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, namandla oPhezukonke akusibekele

Funda Luka 1

Ama vidiyo ahlobene nalokhu