NgokukaLuka 1:29-35

NgokukaLuka 1:29-35 ZUL20

Kepha yena wethuka lapho ezwa izwi layo, wazindla ngokuthi kungaba kubingelela kuni lokhu. Ingelosi yathi kuye: “Ungesabi, Mariya, ngokuba ufumene umusa kuNkulunkulu. Uzakukhulelwa, uzale indodana, uyiqambe igama uthi nguJesu. Yena uyakuba mkhulu, abizwe ngokuthi yiNdodana yoPhezukonke. INkosi uNkulunkulu iyakumnika isihlalo sobukhosi, sikayise uDavide; uyakubusa phezu kwendlu kaJakobe kuze kube phakade, nombuso wakhe awuyukuphela.” UMariya wathi engelosini: “Kuyokwenzeka kanjani lokhu, njengokuba ngingayazi indoda na?” Ingelosi yaphendula, yathi kuye: “UMoya oNgcwele uzakuza phezu kwakho, amandla oPhezukonke akusibekele; ngakho-ke lo ongcwele, ozakuzalwa, uzakubizwa ngokuthi yiNdodana kaNkulunkulu.

Ama vidiyo ahlobene nalokhu