Johane 6:1-14

Johane 6:1-14 ZULUNT

Emva kwalokho uJesu wamuka waya phesheya kolwandle lwaseGalile olungolwaseTiberiya. Isixuku esikhulu samlandela, ngokuba sasibona izibonakaliso zakhe azenzayo kwabagulayo. UJesu wenyukela entabeni, wahlala phansi khona nabafundi bakhe. Lase liseduze iPhasika labaJuda. Khona uJesu ephakamisa amehlo akhe, wabona isixuku esikhulu siza kuye, wathi kuFiliphu: Singazithenga ngaphi izinkwa, ukuze laba badle na? Wakusho lokho emlinga, ngokuba yena ubekwazi abezakukwenza. UFiliphu wamphendula wathi: Izinkwa zabodenariyo abangamakhulu amabili azibanele, ukuthi yilowo nalowo athathe okuyingcosana. Omunye wabafundi bakhe, u-Andreya umfowabo kaSimoni Petru, wathi kuye: Kukhona umfana lapha onezinkwa zebhali eziyisihlanu nezinhlanzana ezimbili; UJesu wathi: “Bahlaliseni abantu phansi. Kwakukhona utshani obuningi kuleyo ndawo. Ahlala-ke amadoda, umumo wawo kungathi izinkulungwane eziyisihlanu. UJesu wathatha izinkwa; esebongile wababela ababehlezi phansi; kanjalo nezinhlanzi ngokuthanda kwabo. Sebesuthi, wathi kubafundi bakhe: Buthani imvuthuluka eseleyo, kungachitheki lutho. Base bebutha, bagcwalisa iziqabetho eziyishumi nambili imvuthuluka yezinkwa eziyisihlanu zebhali, ezasala kwabadlileyo. Khona labobantu sebesibonile isimangaliso uJesu asenzayo, bathi: Isibili lo nguye umprofethi obezakuza emhlabeni.

Funda Johane 6